PAIA isiZulu

Last modified: March 27, 2020

Isicelo sokufinyelela (sokuthola) ulwazi

IzincazeloIzinyathelo okumele zilandelweAmazinga afanele okwenziwa komsebenziIzindlekoAmafomu okumele agcwalisweIndawo nendlela yokuxhumana

 

 

 

 

 

 

Mayelana nokufaka isicelo sokuthola ulwazi

 

Injongo yokugqugquzela ukutholakala kolwazi ukuqinisekisa ukuthi abantu basebenzisa amalungelo abo kunanoma uluphi ulwazi oluvela ku:

 

 Uhulumeni

 Umuntu okudingeka asebenzise noma avikele amalungelo.

Isizathu sokudedela ulwazi ukuthi kugxile ukundlaleka nokwethembeka kuhulumeni nabazimele, nokuthi kugcizelelwe kumphakathi ukuba usebenzise amalungelo awo.

 

Uluphi ulwazi olumayelana neminyango ka Hulumeni noma ngabe ilunga lomphakathi, la kungatholakalal ulwazi na?

 

Ungacela amaphepha kanye nokuqoshiwe eminyangweni ka Hulumeni, Izikhulu noma amalunga emiphakathi. Akunandaba ukuthi ulwazi seluhlale isikhathi esingakanani. Inakhu okulandelayo:

 

 Okuqoshwe umnyango kahulumeni noma ilinga lomphakathi

 Ulwazi oluqoshwe ngokuthola ulwazi kwabanye abanyu: Kodwa ngemvumo yotholole ulwazi ngokuliqopha, ikakhulukazi uma amaphepha ephethe ulwazi oluyimfihlo

 La ulwazi lungagodliwe ngabanikezela ulwazi kanye nemithetho yolwazi

 Ulwazi oluqoshiwe lekhabhinethi kanye namakomidi

 Ulwazi oluqoshiwe oluhambisana nemisebenzi yomthetho kanye nemisebenzi yasenkantolo

 Ulwazi

 lutholakale ohlotsheni oluthile lwenkantolo eyasungulwa ngezaba zomthetho

 luphethwe abasebenzela umthetho olohlobo lwenkantolo

 luphethwe abazimele ephalamende noma abamele isifundazwe.

Ukugqugquzelwa kokutholwa komthetho wolwazi akufanele kusetshenziswe:

 

 Uma ulwazi oluqoshiwe luzosetshenziswa ekwenzeni ubugebengu  

 Ubugebengu sebuvele buyenzeka

Umthetho wokutholakala kolwazi kungaphezu kwawowonke umthetho ongavimbela wena ekutheni uthole ulwazi.

 

Izinyathelo okumele zilandelwe

 

 Cela osebenzela umnyawo odinga ulwazi lwayo akusize ekutholeni ulwazi noma amaphepha owadingayo.

 Gcwalisa bese uhambisa ingxenye yefomu u A: Umthetho wesithupha: Isicelo solwazi solwazi oluqoshiwe lwelunga lomphakathi.

 uma ulwazi oludingayo alutholakali mahhala, Komele ukhokhe inani lokucela ulwazi (ngezitembu zokwenza imali). Kungenzeka kudingeke ukhokhe imali yokuthola ulwazi neyokubheka ulwazi (Uhla llwamanani lungezansi).

 Uma ucela ulwazi kwilunga lomphakathi, awuphoqelekile ukubeka izizathu zokusebenzisa nokuvikela ilungelo lakho.

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

 

 Usekela mphathi wolwazi kufanele aphendule zingakapheli izinsuku ezingamashumi amathathu.

 Uma abanikezela ngolwazi benqaba ukukunikeza ulwazi olucelile, ungadlulisela ukungagculiseki kwakho kunqonqoshe womnyango ofuna ukwazi ngawo.

 Uma ungakagculisiseki ngemiphumela, ungadlulisela ukungathokozi kwakho enkantolo.

 Abanikezela ngolwazi bazokusiza ngokudlulisela ukungajabuli kwakho.

 Uma ulwazi oludingayo aluphethwe umnyango nqo kodwa luphethwe ngosebenzela umphakathi, usekela mongameli wolwazi uyodlulisa isicelo sakho kungakapheli izinsuku ezilishumu nane.

 Abaphethe ulwlazi olundingayo kufanele babuyele kuwe kungakapheli izinsuku ezingamashumi amathathu njengoba kubhaliwe. Uyokwaziswa uma isicelo sakho sesidlulisiwe.

Izindleko

 

Promotion of Access to Information Act 2 of 2000 brochure.

 

Amafomu okumele agcwaliswe

 

Form A: Regulation 6: Request for access to record of public body  (Isicelo sokuthola irekhodi kuhulumeni)

Form B: Regulation 8: Notice of internal appeal (INothisi ye-aphili yangaphakathi)

Form C: Regulation 10: Request for access to record of private body (Isicelo sokuthola irekhodi kuhulumeni)

Indawo nendlela yokuxhumana

 

Uma udinga ulwazi noma usenemibuzo mayelana nanoma ulwazi olutholakala emnyangweni noma abamele imiphakathi, sicela uthintane nosekela mphathi wolwazi noma osebenza ngolwazi okanye umnyango owundingayo nqo noma omele umphakathi.